Kube nenhlokomo kwaqhuma ihlombe ngesikhathi uMhlonishwa iMeya yoMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu edlulisa umgwaqo iTshwilitshwili Access Road emphakathini waku ward 01 KwaSokhulu, waphinde wahlaba isoyi lomgwaqo ozokwakhiwa iThukwini Access Road namuhla ngoLwesine mhlaka 3 September 2026. Umhlonishwa uBhengu ubehambisana nabahlonishwa amakhansela, uMqondisi wakwaTechnical services uDr Manqoba Soni, izimenenja nabasebenzi. Bekukhona nabenhlangano eyengamele ukhetho (IEC), izinduna kanye nomphakathi. Ubongele abantu bakwaSokhulu ngesishabasheki esibakhongela intuthuko ukhansela uMaKhumalo Cele. Ubongele lo mphakathi ngomsebenzi wokwakhiwa kwe we-Satellite Police Station esiqaliwe ukwakhiwa njengoba umphakathi usuzothola ukusizakala eduze.
Ube esethula nosonkontileka abazokwakha umgwaqo uThukwini Access Road.
Abakwa IEC bagqugquzele umphakathi ngosuku lomhlaka 4 November wabachazela kanye nosuku lokubhalisela ukuvota okuyipesheli kulabo abagulayo, abadala kanye nabangeke befinyelele ezikhungweni zokuvota ngosuku luka wonke wonke.
