ISITATIMENDE ESIBHEKISWE KWABEZINDABA NAKUBO BONKE ABEZINHLAKA ZOMKHANDLU

3 min read0

UMASIPALA WASE-ALFRED DUMA UBAMBE UMHLANGANO NEZIGCEME EZAKHELE EZAKHENI NGOKOHLELO LWE-IDP KANYE NOHLAHLOMALI LONYAKA2026/27

NgoLwesithathu, 29 April 2026, uMasipala wasekhaya i-Alfred Duma ngokuholwa uMeya ukhansela ZJ Sibisi ubambe umhlangano womphakathi kanye nezigceme ezakhele Ezakheni okubalwa uwadi 1, 2, 3, 4, 5, 6, 7, 8, kanye nowadi 27 ngenhloso yokuzothula usomqulu wentuthuko odidiyelwe kanye nohlahlomali lonyaka ka2026/27. Lomhlangano obubanjelwe eZondo Sports Ground, uphinde wanikezela amalunga omphakathi ukuba abeke imibono yawo ngentuthuko ohlelelwe yona.

Phakathi kwabethamele umhlangano kubalwa Cllr BP Sithole, Cllr M Sithole, Cllr S Kubheka, Cllr D Nxumalo, Cllr T Njoko, Cllr B Xaba, Cllr T Dlamini, Cllr S Mswane, Cllr K Mjiyakho, Cllr K Mdluli, Cllr S Msimango, Cllr N Dlamini, Cllr N Mbense, Cllr Makhathini, Cllr N Sithole abamele i-IEC, amalungu omphakathi, kanye nabasebenzi bakamasipala.

Cllr B Xaba wewadi 27 wamukele izihambeli, wadlulisa amazwi okubonga emkhandlwini ekusebenzisaneni ngokubambisana kanye namakomidi ewadi ikakhulukazi ukulekela abantwana bezikole ngezicathulo nokulimela abanemfelandawonye, nokulekelela abafundi abangu 87 ngokohlelo lwemifundaze ezikoleni zemfundo ephakeme, nokufakwa ko apollo okuqikelela ukuphepha komphakathi wakithi, ukwakhiwa kwamabhuloho ayehlaselwe yizikhukhula.

Inhloso yalezi zingxoxo bekungukunikeza inkundla ebalulekile kumalungu omphakathi kanye nomasipala ukuthi baxoxe ngesabelomali sentuthuko edidiyelwe kanye nokulethwa kwezinsiza zomphakathi.

Njengoba umkhandlu uhambela imiphakathi kubekhona nabakwa-IEC abasuke bezochazela abantu ngezinhlelo zokulungiselela ukhetho futhi efundisa ngokubaluleka kokubhalisela ukuvota ukuze umphakathi ungene ohlwini lwabantu abazokwazi ukuvota. Wazisa umphakathi ngezikhathi zokubhalisela ukuvota kulolu khetho lohulumeni basekhaya lwakulo nyaka lezi zinsuku umhlaka 20/21 June kanye no 1/2 Agasti 2026.

Enkulumeni yakhe uMhlonishwa uMeya uqale ngokunxenxa abantu abasha ukuba bakukhuthalele ukubhalisela ukuvota nokuvota. Eqhuba ube esengena enhlosweni yosuku nalapho ebalule khona imisebenzi eyenziwe ngokwezigceme ngokwehlukana konyaka mali

2022/2023: Ukuthuthukiswa kwesakhiwo isigaba sokuqala se swimming pool kuwadi 8, ukufakelwa ko apollo ku wadi 1, 2, 4,6 kanye no wadi 8.

2023/2024: Ukwakhiwa komgwaqo wobhuqu (Khomu) kuwadi 3, ukulungiselelwa ukufakela ugesi wasemakhaya angu 27.

2024/2025

Ukwakhiwa kwehholo elincane (mini facility) kuwadi 7, ukuqhubezela isigaba sesibili seswimming pool kuwadi 8, ukufakelwa kukagesi emizini engu 80 kuwadi 4, ukufakelwa ko apollo kuwadi 7.

2025 /2026

Ukufakelwa ko apollo ku Wadi 3 kanye no wadi 27.

2026/2027

Ukwakhiwa komgwaqo wetiyela isigaba sesibili kuwadi 27.

Umhlonishwa uMeya ube esebalula eminye imisebenzi elekelele imiphakakathi ngokohlelo lomnyango wezinhlekelele (Disaster): ukulungiswa kwemigwaqo elandelayo: Intondolo street, kuwadi 2 no wadi 3, ukulungiswa komgwaqo oya emathuneni osuka kwaMayithanqaze uphikelele eC1 kuwadi 3, kanye no wadi 5. Ukulungiswa kwebhuloho lezinyawo kuwadi 27.

UMasipala usezinhlelweni zokuthuthukisa umnyango wezinhlekelele nalapho sekuqalile unikezele ngezinsiza kusebenza okubalwa izimoto nokunye.

Umhlonishwa uMeya ubalule nezinye izinhlelo zokulungiswa kwamahholo omphakathi kanye nemigwaqo engenela emakhaya. Ukulungiswa nokunakekelwa kwezinkundla zemidlalo. Ngaphansi kwesiqubulo sokugqugquzela inkonzo yokuzakha nokuzenzela umaspala ulekelela ngogandaganda bokulimela imifelandawonye, unikela nangezimbewu izinsiza zokubiya amasimu nezinye izinsiza ezahlukahlukene, Umaspala ngaphansi komnyango wakwaLED unohlelo lokunikezela ngamavawusha okuthenga isitokwe kubadayisi basezikoleni, uphinde unikezele ngemithi yamadiphu kubafuyi bezinkomo. Uphinde wanxusa umphakathi ukuba uma kukhona ogandaganda, mabangaphazanyiswa futhi bangavinjwa uma sekufanele bayekwamanye amawadi.

Ukugqugquzela imfundiso kubantwana ngibenomhlangano nomama (onomehlo) nalapho bengivezele ukuthi njengoba befundisa amantombazane ukuziphatha, banenselelo yokuthi bafundisa amantombazane kodwa abafana bona abafundisekile nalapho beveze ukuthi bafisa ukusungula uhlelo lokukhulisa abafana ngobuqotho. Lomkhandlu ngezikhathi zokuya emhlangeni, umkhandlu unesibalo sezithuthi (amabhasi) owakhiphayo okuhambisa izintombi, wakuveza nokuthi kulonyaka isibalo sizonyuka azoba yisithupha.

Njengoba umphakathi wasezakheni ubhekene nenselelo yomigwaqo engemihle, umkhandlu uzohlela ukhukhulela ngoqo wohlelo lokuvala imigodi emgwaqeni endaweni yaseZakheni kungekudala.

Sikhishwe

Alfred Duma Local Municipality Communications and IGR Section

Share:

More from Alfred Duma