UMkhandlu waseMshwathi ngaphansi kobuholi buka Mayor ubaba uMandla Zondi benze umcimbi wokudlulisa izilokotho ezinhle kumaTshitshi aya emkhosini womhlanga.

1 min read3 views

Lo mcimbi bewubanjelwe endaweni yaka Swayimane ehholo laka ward 8 eNkosini uGcumisa.

Phakathi kwezihambeli ebezikhona kube iNkosi uGcumisa noNdlunkulu wakwakhe, Imeya yaseMshwathi ubaba uZondi, ukhansela waka ward 8 uNhlakanipho Gasa ,ubaba uZuma onguMeya woMgungundlovu District Municipality, ilunga lesiShayamthetho KwaZuluNatali umama uBongi Sithole-Moloi , uMunicipal Manager kaMasipala waseMshwathi ubaba uMafezwe Khanyile , oNomehlo kanye nabanye.

Bonke abaholi basho ngazwi linye ukuthi bafisela amaTshitshi aseMshwathi ukuthi abe nohambo oluhle noluphephile Kanye nokugqugquzela ukuziphatha kahle nenhlonipho.

Imeya yaseMshwathi ubaba uZondi ube esekhipha izipho zamaTshitshi azishiye ezandleni zonomehlo ukuze banikeze abantwana ngesonto elizayo sebehamba, eminye imiphako yabo bazoyithola ngesonto elizayo. Izinto zokuhamba nazo sezimi ngomumo.

Uphethe ngikubonga kakhulu kwimikhandlu yamaKhosi kanye noNomehlo abenza umsebenzi wokubumba izimbali zesizwe.

Share:

More from uMshwathi Local Municipality