UMkhandlu waseMshwathi ngaphansi kobuholi buka Mayor ubaba uMandla Zondi benze umcimbi wokudlulisa izilokotho ezinhle kumaTshitshi aya emkhosini womhlanga.
Lo mcimbi bewubanjelwe endaweni yaka Swayimane ehholo laka ward 8 eNkosini uGcumisa. Phakathi kwezihambeli ebezikhona kube iNkosi uGcumisa noNdlunkulu wakwakhe, Imeya yaseMshwathi ubaba uZondi, ukhansela waka ward 8 uNhlakanipho Gasa ,ubaba uZuma onguMeya woMgungundlovu District Municipality, ilunga lesiShayamthetho KwaZuluNatali umama uBongi Sithole-Moloi , uMunicipal Manager kaMasipala waseMshwathi ubaba uMafezwe Khanyile , oNomehlo kanye nabanye. Bonke…
